1 Sengathi nga unjengomfowethuowancela amabele kamame!Uma bengikufumana phandle,bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.
2 Bengiyakukuhola,ngikuyise endlini kamame;ubuyakungifundisa;bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo,amanzi ompomegranati* wami.
3 Isandla sakhe sokhohlobesiyakubaphansi kwekhanda lami,nesokunene sakhe besiyakungigona.
4 Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.
5 Ngubani owenyuka ehlaneencike kothandiweyo wakhe na?Phansi komapula* ngakuvusa;lapho unyoko wayenemihelo ngawe,khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.
6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,njengophawu engalweni yakho,ngokuba uthando lunamandla njengokufa;isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;amalangabi alo angamalangabi omlilo,ilangabi likaJehova.