3 Isandla sakhe sokhohlobesiyakubaphansi kwekhanda lami,nesokunene sakhe besiyakungigona.
4 Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.
5 Ngubani owenyuka ehlaneencike kothandiweyo wakhe na?Phansi komapula* ngakuvusa;lapho unyoko wayenemihelo ngawe,khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.
6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,njengophawu engalweni yakho,ngokuba uthando lunamandla njengokufa;isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;amalangabi alo angamalangabi omlilo,ilangabi likaJehova.
7 Amanzi amaningi awanakulucima uthando,nemifula ayinakuluminzisa;uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
8 Sinodadewethu omncane,kanawo amabele;siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?
9 Uma elugange,siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva;uma eyisicabha,siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*