U-Amose 1 ZUL59

Iziprofetho ngokwahlulelwa kwezizwe

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

2 Wathi:“UJehova uyaduma eseSiyoni,ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;amadlelo abelusi ayakulila,nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”

3 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.

4 Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

5 Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,nginqume abakhileyo eBikati Aveni,nophethe intonga eBeti Edene,abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.

6 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyoukuba babakhaphele ku-Edomi.

7 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,uqede izindlu zalo zamakhosi.

8 Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,nophethe intonga e-Ashikeloni,ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.

9 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

10 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,uqede izindlu zalo zamakhosi.”

11 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,walahla isihe sakhe,wagcina ulaka lwakhe,wayilondoloza intukuthelo yakhe.

12 Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”

13 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadiukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.

14 Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba,uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa,nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9