U-Amose 2 ZUL59

1 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomiaba ngumcako.

2 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,uMowabi afe ngokuxokozela,nangokumemeza,nangokukhala kwecilongo.

3 Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,abagcinanga izimiso zakhe,namanga abo abadukisile,abawalandelayo nawoyise.

5 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,bachezukisa indlela yabathobileyo;indoda noyise baya entombininye,ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambisoeceleni kwawo onke ama-altare,baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9 “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*ayenamandla njengama-oki;*kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulunezimpande zawo phansi.

10 “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlaneukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11 Ngavusa kumadodana enu abaprofethinasezinsizweni zenu amaNaziri.*Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12 “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13 “Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenunjengengqukumbane icindezela,igcwele izithungu.

14 Onejubane uyakuswela ukubaleka;onamandla akayikuqinisa amandla akhe,neqhawe aliyikuzikhulula.

15 Obambe umnsalo akayikuma;onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16 onesibindi phakathi kwamaqhaweuyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9