U-Amose 6 ZUL59

Ukuchithwa kweSamariya

1 Wo kwabazinzileyo eSiyoni,nabalondekile entabeni yaseSamariya,abaqhamileyo besokuqala sezizwe,efika kubo indlu yakwa-Israyeli!

2 Dlulelani eKaline, nibone;nisuke lapho, niye eHamati elikhulu,bese nehlela eGati lamaFilisti;bahle kunale mibuso yini,umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?

3 nina enidedisela kude usuku olubi,kepha nisondezile isihlalo sobudlova.

4 Balele emibhedeni yophondo lwendlovu,bacambalala ezinkukhweni zabo;badla amawundlu omhlambinamathole avela phakathi kwesibaya.

5 Bahaya ngomsindo wogubhu,baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.

6 Baphuza imikhele yewayini,bazigcoba ngamafutha amahle,kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.

7 Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.

8 INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”

9 Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.

10 Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”

11 Ngokuba bhekani,uJehova uyayaleza:uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu,nendlu encane ibe yizingcezu.

12 Amahhashi ayagijima emadwaleni,kulinywa elwandle ngezinkabi, na?Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu,nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,

13 nina enithokoza ngento engelutho,nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”

14 “Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti;“bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamatikuze kube semfuleni wase-Araba.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9