U-Amose 5 ZUL59

U-Israyeli uyabizwa ukuba aphenduke

1 Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.

2 “Iwile intombi yakwa-Israyeli,ayisayikuvuka;iphonsiwe phansi,akakho ongayivusa.”

3 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu,nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”

4 Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:“Ngifuneni, niphile.

5 Kepha ningalifuni iBethele,ningangeni eGiligali,ningadluleli eBeri Sheba,ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa,neBethele liyakuba yize.”

6 Funani uJehova, niphile,funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo,udle, kungekho owucimayo eBethele.

7 Nina enihlanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane,nilahle phansi ukulunga;

8 nimfune owenza isiLimela neMpambano,ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa,ayenze imini ibe mnyama njengobusuku,obiza amanzi olwandle,awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe

9 owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla,nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.

10 Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqothobanengwa nguye.

11 Ngalokho,ngokuba ninyathela abampofu,namukele kuye isipho samabele,noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyoaniyikuhlala kuzo,nokuba nitshala izivini ezinhleaniyikuphuza iwayini lazo.

12 Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu zininginokuthi izono zenu zinkulu,nina enicindezela abalungileyo,namukela umvuzo,nenichezukisa abampofu esangweni.

13 Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi,ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.

14 Funani okuhle, hhayi okubi,ukuze niphile,abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,njengalokhu nisho.

15 Zondani okubi, nithande okuhle,nimise ukwahlulela esangweni;mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusakuyo insali yakwaJosefa.

16 Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi:“Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala,nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi:‘Maye, maye!’babize umlimi ukuba akhale,nabaziyo izililo ukuba balile;

17 nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala,ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.

Usuku lukaJehova

18 Wo kinina enifisa usuku lukaJehova!Luyakunisizani usuku lukaJehova?Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.

19 Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama,kuhlangane naye ibhere,*noma engena endliniencike ngesandla odongeni,alunywe yinyoka.

20 Lungubumyama usuku lukaJehova,alusikho ukukhanya,nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.

21 “Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu.

22 Noma ninikela kimi ngeminikelo yenuyokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu,angiyenameli, futhi angibhekiiminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.

23 Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho,angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.

24 Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.

25 “Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlaneiminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?

26 Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenunoKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu,izithombe zenu enizenzele zona.

27 Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,”usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9