U-Amose 3 ZUL59

Ukujeziswa kuka-Israyeli

1 Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:

2 “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”

3 Kuhamba ababili kanyekanye,uma bengavumelananga, na?

4 Ingonyama iyabhodla ehlathini,ingenampango, na?Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,uma lingabambanga lutho, na?

5 Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,ingenasihibe, na?Ugibe luyaxhuma emhlabathini,lungabambanga nokubamba, na?

6 Kungabethwa icilongo emzini,bangesabi abantu, na?Umuzi ungehlelwa ngokubi,engakwenzamga uJehova, na?

7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.

8 Ingonyama ibhongile,ngubani ongayikwesaba na?INkosi uJehova ikhulumile,ngubani ongayikuprofetha na?

Ukwahlulelwa kweSamariya

9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,nokucindezelwa okukulo.”

10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

11 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Isitha siyakulihaqa izwe,sehlise kini izinqaba zenu,ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

12 Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyamaimilenze emibili noma inxenye yendlebe,kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,abahlala eSamariya ezingosini zezihlalonaphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”

13 “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

14 “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyelingeziphambeko zakhe,ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,kunqunywe izimpondo ze-altare,ziwe phansi.

15 Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,kuphele izindlu zophondo lwendlovu,yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9