U-Amose 4 ZUL59

Amazwi ngabesifazane baseSamariya

1 Yizwani leli zwi,nina zinkomo zaseBashanienisentabeni yaseSamariya,enicindezela abaphansi,enichoboza abampofu,enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

2 INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayoukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlelalapho niyakususwa ngezingwegwe,nabaseleyo kini ngezindobo.

3 Niyakuphuma emifantwini,kube yilowo nalowo ngoqondene naye,nilahlwe eHermoni,” usho uJehova.

U-Israyeli akafundi

4 “Wozani eBethele, niphambeke,naseGiligali, nandise iziphambeko,nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo,nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

5 nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo,nimemezele iminikelo yesihle,niyizwakalise,ngokuba nithanda kanjalo,bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.

6 “Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonkenokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu,kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

7 “Futhi ngagodla kini imvula,kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe,ngalinisa phezu komunye umuzi,komunye umuzi angilinisanga;esinye isiqephu saniselwa,nesiqephu esinganiselwanga sasha.

8 Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu,yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi,kodwa ayaneliswanga;kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

9 “Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha;izivande zenu, nezivini zenu,nemikhiwane yenu,neminqumo yenu eminingikwadliwa yisibotho,kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

10 “Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe,ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba,ngathumba amahhashi enu,ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenukukhuphukele nasemakhaleni enu,kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

11 “Nganichitha njengalokhouNkulunkulu achitha iSodoma neGomora;naninjengesikhuni esophulwe emlilweni,kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

12 “Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli;njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe,zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

13 Ngokuba bheka, owabumba izintaba,nowawudala umoya,otshela umuntu umqondo wakhe,owenza ukusa kube ngubumnyama,onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,igama lakhe linguJehova,uNkulunkulu Sebawoti.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9