U-Amose 9 ZUL59

Ukuwa kwethempeli

1 Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi:“Shaya izihloko zezinsika,ukuze imigulugulu izamazame,uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke;abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba;obalekayo kubo akayikubaleka,nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2 Noma befohla endaweni yabafileyo,isandla sami siyakubakhipha khona;noma bekhuphukela ezulwini,ngiyakubehlisa khona.

3 Noma becasha esiqongweni saseKarmeli,ngiyakubafunisisa,ngibakhiphe khona;nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle,ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4 Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale,ngibeke amehlo ami kubokube kubi, kungabi kuhle.”

5 INkosi uNkulunkulu Sebawotiyiyo ethinta umhlaba, uncibilike,bakhale bonke abakhileyo kuwo;uyakukhukhumala wonke njengeNayile,ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6 yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,isekele igobela lawo emhlabeni;yiyona ewabizayo amanzi olwandle,iwathululele ebusweni bomhlaba;nguJehova igama layo.

7 “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi,nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.“Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe,namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”

Insali

8 “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9 “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,ngizulazulise indlu yakwa-Israyeliphakathi kwabo bonke abezizwe,njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10 Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

11 “Ngalolo sukungiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,ngivale imifantu yalo;ngiyakumisa izihlephu zalo,ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edominelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”usho uJehova okwenza lokhu.

13 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho olimayo eyakufica ovunayo,nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu;izintaba ziyakuconsa iwayini,amagquma onke ancibilike.

14 Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,bakhe imizi echithekileyo,bahlale kuyo;bayakutshala izivini,baphuze iwayini lazo;bayakwenza nezivande,badle izithelo zazo.

15 Ngiyakubatshala ezweni labo,bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9