2 Wathi:“UJehova uyaduma eseSiyoni,ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;amadlelo abelusi ayakulila,nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”
3 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.
4 Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.
5 Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,nginqume abakhileyo eBikati Aveni,nophethe intonga eBeti Edene,abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.
6 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyoukuba babakhaphele ku-Edomi.
7 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,uqede izindlu zalo zamakhosi.
8 Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,nophethe intonga e-Ashikeloni,ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.