7 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,uqede izindlu zalo zamakhosi.
8 Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,nophethe intonga e-Ashikeloni,ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.
9 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.
10 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,uqede izindlu zalo zamakhosi.”
11 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,walahla isihe sakhe,wagcina ulaka lwakhe,wayilondoloza intukuthelo yakhe.
12 Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”
13 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadiukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.