4 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,abagcinanga izimiso zakhe,namanga abo abadukisile,abawalandelayo nawoyise.
5 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”
6 Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,nompofu ngamabhangqa ezicathulo.
7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,bachezukisa indlela yabathobileyo;indoda noyise baya entombininye,ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,
8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambisoeceleni kwawo onke ama-altare,baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.
9 “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*ayenamandla njengama-oki;*kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulunezimpande zawo phansi.
10 “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlaneukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.