8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambisoeceleni kwawo onke ama-altare,baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.
9 “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*ayenamandla njengama-oki;*kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulunezimpande zawo phansi.
10 “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlaneukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.
11 Ngavusa kumadodana enu abaprofethinasezinsizweni zenu amaNaziri.*Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.
12 “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’
13 “Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenunjengengqukumbane icindezela,igcwele izithungu.
14 Onejubane uyakuswela ukubaleka;onamandla akayikuqinisa amandla akhe,neqhawe aliyikuzikhulula.