1 Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2 “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”
3 Kuhamba ababili kanyekanye,uma bengavumelananga, na?
4 Ingonyama iyabhodla ehlathini,ingenampango, na?Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,uma lingabambanga lutho, na?
5 Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,ingenasihibe, na?Ugibe luyaxhuma emhlabathini,lungabambanga nokubamba, na?
6 Kungabethwa icilongo emzini,bangesabi abantu, na?Umuzi ungehlelwa ngokubi,engakwenzamga uJehova, na?
7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.