4 Ingonyama iyabhodla ehlathini,ingenampango, na?Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,uma lingabambanga lutho, na?
5 Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,ingenasihibe, na?Ugibe luyaxhuma emhlabathini,lungabambanga nokubamba, na?
6 Kungabethwa icilongo emzini,bangesabi abantu, na?Umuzi ungehlelwa ngokubi,engakwenzamga uJehova, na?
7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8 Ingonyama ibhongile,ngubani ongayikwesaba na?INkosi uJehova ikhulumile,ngubani ongayikuprofetha na?
9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,nokucindezelwa okukulo.”
10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”