1 Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.
2 “Iwile intombi yakwa-Israyeli,ayisayikuvuka;iphonsiwe phansi,akakho ongayivusa.”
3 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu,nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”
4 Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:“Ngifuneni, niphile.
5 Kepha ningalifuni iBethele,ningangeni eGiligali,ningadluleli eBeri Sheba,ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa,neBethele liyakuba yize.”