16 Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi:“Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala,nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi:‘Maye, maye!’babize umlimi ukuba akhale,nabaziyo izililo ukuba balile;
17 nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala,ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.
18 Wo kinina enifisa usuku lukaJehova!Luyakunisizani usuku lukaJehova?Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.
19 Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama,kuhlangane naye ibhere,*noma engena endliniencike ngesandla odongeni,alunywe yinyoka.
20 Lungubumyama usuku lukaJehova,alusikho ukukhanya,nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.
21 “Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu.
22 Noma ninikela kimi ngeminikelo yenuyokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu,angiyenameli, futhi angibhekiiminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.