21 “Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu.
22 Noma ninikela kimi ngeminikelo yenuyokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu,angiyenameli, futhi angibhekiiminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.
23 Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho,angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.
24 Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
25 “Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlaneiminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?
26 Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenunoKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu,izithombe zenu enizenzele zona.
27 Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,”usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.