24 Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
25 “Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlaneiminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?
26 Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenunoKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu,izithombe zenu enizenzele zona.
27 Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,”usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.