3 nina enidedisela kude usuku olubi,kepha nisondezile isihlalo sobudlova.
4 Balele emibhedeni yophondo lwendlovu,bacambalala ezinkukhweni zabo;badla amawundlu omhlambinamathole avela phakathi kwesibaya.
5 Bahaya ngomsindo wogubhu,baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.
6 Baphuza imikhele yewayini,bazigcoba ngamafutha amahle,kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
7 Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.
8 INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”
9 Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.