7 Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.
8 INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”
9 Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.
10 Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”
11 Ngokuba bhekani,uJehova uyayaleza:uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu,nendlu encane ibe yizingcezu.
12 Amahhashi ayagijima emadwaleni,kulinywa elwandle ngezinkabi, na?Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu,nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,
13 nina enithokoza ngento engelutho,nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”