4 Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu,nenichitha abaswelayo bezwe,
5 nithi:“Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyangaukuba sithengise ngamabele,nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni,senze i-efa* libe lincane,senze ishekeli* libe likhulu,senze izilinganiso ukuba zikhohlise,
6 ukuze sithenge abampofu ngesilivanabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo,sithengise ngamahlunge kakolweni.”
7 UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.
8 “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho,balile bonke abakhileyo kuwo, na?Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile,unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.
9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova,“ngilishonise ilanga emini,ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.
10 Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala,nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo,ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke,nobumpandla kuwo onke amakhanda,ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa,ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”