7 UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.
8 “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho,balile bonke abakhileyo kuwo, na?Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile,unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.
9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova,“ngilishonise ilanga emini,ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.
10 Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala,nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo,ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke,nobumpandla kuwo onke amakhanda,ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa,ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”
11 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova,“lapho ngiyakuthuma indlala ezweni,kungabi yindlala yezinkwa,kungabi ngukomela amanzi,kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.
12 Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle,kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga,bahambahambe ukufuna izwi likaJehova,kepha abayikulifumana.
13 “Ngalolo suku izintombi ezinhlenezinsizwa ziyakudangala ukoma.