5 INkosi uNkulunkulu Sebawotiyiyo ethinta umhlaba, uncibilike,bakhale bonke abakhileyo kuwo;uyakukhukhumala wonke njengeNayile,ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;
6 yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,isekele igobela lawo emhlabeni;yiyona ewabizayo amanzi olwandle,iwathululele ebusweni bomhlaba;nguJehova igama layo.
7 “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi,nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.“Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe,namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”
8 “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.
9 “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,ngizulazulise indlu yakwa-Israyeliphakathi kwabo bonke abezizwe,njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.
10 Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”
11 “Ngalolo sukungiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,ngivale imifantu yalo;ngiyakumisa izihlephu zalo,ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,