8 “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.
9 “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,ngizulazulise indlu yakwa-Israyeliphakathi kwabo bonke abezizwe,njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.
10 Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”
11 “Ngalolo sukungiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,ngivale imifantu yalo;ngiyakumisa izihlephu zalo,ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,
12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edominelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”usho uJehova okwenza lokhu.
13 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho olimayo eyakufica ovunayo,nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu;izintaba ziyakuconsa iwayini,amagquma onke ancibilike.
14 Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,bakhe imizi echithekileyo,bahlale kuyo;bayakutshala izivini,baphuze iwayini lazo;bayakwenza nezivande,badle izithelo zazo.