1 Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.
2 Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
3 Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.
4 Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.