Ujobe 29 ZUL59

UJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala

1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2 “Sengathi nganginjengasezinyangeni zakuqala,njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami,ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami,lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

5 lapho uSomandla wabe esenami,nabantwana bami babe besangizungeza;

6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga,nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

7 “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini,ngalungisa isihlalo sami esigcawini,

8 izinsizwa zangibona, zacasha,nezimpunga zasuka zema,

9 izikhulu zayeka ukukhuluma,zabeka izandla emilonyeni yazo;

10 izwi labakhulu lathuliswa;izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,nalapho iso langibona, langifakazela.

12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayokanye nentandane engenamsizi.

13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

14 Ngembatha ukulunga,kwaba yisambatho kimi;ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.

15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

16 Nganginguyise wabampofu;indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

17 Ngaphula imihlathi yowonayo,ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

18 “Ngase ngithi:‘Ngiyakufa esidlekeni sami,ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.

19 Impande yami iyazivulela amanzi;amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

20 udumo lwami lusha njalo kimi,umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’

21 “Abantu bangilalela belinda;bathula ngesiluleko sami.

22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma;amazwi ami aconsela phezu kwabo.

23 Bangilindela njengemvula;bangikhamisela imilomo yabonjengokukhamisela imvula yamuva.

24 Ngabahleka bengenakukholwa;ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.

25 Uma ngangikhethile izindlela zabo,ngangiyakuhlala emqoka,ngahlalisa okwenkosi empini,njengoduduza abalilayo.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42