1 U-Elihu wathatha wathi:
2 “Usho uthi lokhu kulungile na?Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’
3 njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza,uma ngonile, na?’
4 “Ngizakukuphendula mina ngamazwi,wena nabangane bakho.
5 Bheka ngasezulwini, ubone,uqaphele amafu aphakeme kunawe.
6 Uma wona, wenzani kuye na?Uma iziphambeko zakho ziziningi,wenzani kuyena na?
7 Uma ulungile, umnikani yena,noma umukelani esandleni sakho na?
8 Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe,nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.
9 “Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.
10 Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,ozwakalisa amahubo ebusuku,
11 osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’
12 Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,kepha akaphenduli.
13 Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,uSomandla akayikukunakekela;
14 kakhulu kangakanani,lapho uthi awumboninokuthi, noma icala liphambi kwakhe,usamhlalela, na?
15 Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,anganaki kakhulu iziphambeko,
16 uJobe uvulela ize umlomo wakhe;uyandisa amazwi engenalwazi.”