Ujobe 24 ZUL59

UJobe ukhala ukuthi abangenakuzivikela bayahlushwa

1 “Kungani ukuba uSomandlaangazibekeleli izikhathi zokwahlulela,abamaziyo babone imihla yakhe, na?

2 Imincele iyasuswa;bahlwitha imihlambi, bayiklabise.

3 Bamukisa imbongolo yezintandane,nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.

4 Bafuzula abaswelayo endleleni;abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.

5 Bheka, njengezimbongolo ehlanebayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla;ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.

6 Emasimini bavuna ifoliji;*bakhothoza esivinini somubi.

7 Ebusuku balala nqunu bengenangubo,bengenanto yokuzisibekela emakhazeni.

8 Bamanzi ngezihlambi zasezintabeni;basingatha idwala bengenasiphephelo.

9 Intandane ihlwithwa ebeleni,nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,

10 bahambe nqunu bengenangubo,bethwele izithungu, belambile.

11 Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi;banyathela izikhamo zewayini,kepha bayoma.

12 Bexoshwe emzini abafayo bayabubula;imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala,kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.

13 “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya;abazi indlela yakho,abanamatheli emikhondweni yakho.

14 Umbulali uvuka ekuseni,abulale ompofu noswelayo;ebusuku unjengesela.

15 Iso lesiphingi libheka ukuhlwangokuthi: ‘Malingangiboni iso,’sisithe ubuso baso.

16 Bafohla izindlu sekumnyama;emini bayazivalela;ukukhanya abakwazi.

17 Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa,lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.

18 “Banejubane ebusweni bamanzi;izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni;abasayikuphendukela endleleni yezivini.

19 Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa;kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.

20 Isizalo siyamkhohlwa;izimpethu ziyamsobozela;akasayikukhunjulwa;ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.

21 Uyayidla inyumba engazaliyo;akenzeli umfelokazi okuhle.

22 Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.

23 UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

24 Bayaphakanyiswa;emva kwesikhashana abasekho;bayaphela njengabanye, bafe;babuna njengezihloko zezikhwebu.

25 “Uma kungenjalo,ngubani ongangenza onamanga,awenze ize amazwi ami, na?”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42