Ujobe 31 ZUL59

UJobe uqinisa ukuthi ukuhamba kwakhe kwakulungile njalo

1 “Ngenza isivumelwano namehlo ami:ngingabuka kanjani intombi na?

2 Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvelakuNkulunkulu phezulu,nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?

3 Akusikho ukubhubha kwabangalungilenengozi kwabenza okubi na?

4 Yena akaboni izindlela zami,abale izinyathelo zami zonke, na?

5 “Uma ngihambile ngamanga,nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,

6 mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo,ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.

7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni,inhliziyo yami yalandela amehlo ami,uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

8 mangihlwanyele, kudle omunye,yebo, zisishulwe izithelo zami.

9 “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane,ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,

10 umkami makasilele omunye,kuguqe abanye phezu kwakhe.

11 Ngokuba lokho ngabe kuyicala,ngabe kungububi bokujeziswa.

12 Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni,kusishulwe yonke inzuzo yami.

13 “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yaminoma okwencekukazi yami,lapho bephikisana nami,

14 ngiyakwenze njani,lapho uNkulunkulu evuka,nalapho engiphenya,ngingaphendula ngokuthini na?

15 Owangenza mina esiswini,wabenza nabo;owasibumba esizalweni munye.

16 “Uma nginqabele abampofu abakufisayo,ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17 ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,ingaludlanga nentandane

18 hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

19 uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,kungekho okokuzimboza kompofu;

20 uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

21 uma ngiphakamisele intandane isandla sami,ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,

22 maliwe ihlombe lami esiphangeni,nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.

23 Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.

24 “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami,ngathi egolideni elihle:‘Ngithemba wena;’

25 uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulunangokuba isandla sami sithole okuningi;

26 uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

27 kwayengwa inhliziyo yami esitha,nomlomo wanga isandla sami,

28 nalokho kwakungububi bokujeziswa,ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.

29 “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,ngaxhuma lapho eficwa ngokubi

30 kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lonengokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

31 uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ --

32 abafokazi kabalalanga phandle,ngavulela izihambi iminyango yami --

33 uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamungokufihla ububi bami esifubeni sami,

34 ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni,ngaze ngathula, angaphuma emnyango --

35 sengathi angaba khona ongizwayonantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla --ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

36 Ngangiyakuyithwala emahlombe ami,ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,

37 ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,ngisondele kuye njengesikhulu.

38 “Uma umhlaba wami ukhalile ngami,nemisele yawo ililile kanyekanye;

39 uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali,ngenza ukuba bafe abaniniwo,

40 makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni,kuvele ukhula endaweni yebhali.”*Amazwi kaJobe asephelile.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42