Ujobe 16 ZUL59

UJobe uphendula inkulumo yesibili ka-Elifazi: uyahlupheka engenacala; ezulwini kukhona ufakazi

1 Wayesephendula uJobe, wathi:

2 “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;nina nonke ningabaduduzi ababi.

3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?

4 Nami ngingakhuluma njengani;uma imiphefumulo yenu ibisesikhundlenisomphefumulo wami,bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,ngininikinele ikhanda lami.

5 Benginganiqinisa ngomlomo,induduzo yezindebe zami inidambise.

6 “Noma ngikhuluma,ubuhlungu bami abudanjiswanga;noma ngiyeka,kuyini okumuka kimi na?

7 Kepha manje ungikhathazile,uyichithile yonke indlu yami.

8 Ungicindezele, kungubufakazi;ukonda kwami kuyangivukela,kufakaze ebusweni bami.

9 Ulaka lwakhe luyangidwengula,lungizingele;uyangigedlela amazinyo;isitha sami singicijisela amehlo aso.

10 Bangikhamisela imilomo yabo,bangimukula esihlathini ngenhlamba,bangihlanganyela.

11 UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,angiphonse esandleni sababi.

12 Ngangihlezi kahle, wangichoboza;wangibamba ngentamo,wangiphahlaza;wangimisa ngibe yisigcibisholo.

13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa;uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;uchithela inyongo yami emhlabathini.

14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,angidumele njengeqhawe.

15 “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.ngingcolisile uphondo lwami othulini.

16 Ubuso bami bubomvu ngokukhala;ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,

17 noma kungekho ubudlova ezandleni zaminokukhuleka kwami kulungile.

18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami;ukukhala kwami makungabi nandawo.

19 Namanje bheka,ufakazi wami usezulwini;ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

20 Abangane bami bayangiklolodela;iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu

21 ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulunendodana yomuntu kumakhelwane wayo.

22 Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42