Ujobe 32 ZUL59

U-Elihu uyaqhamuka

1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

3 Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

4 U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

5 Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6 U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:“Mina ngisemusha ngeminyaka,nina nibadala;ngalokho nganginamahloni,ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8 Nokho kukhona umoya kumuntu;ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9 Abakhulu abahlakaniphile,nabadala abaqondi ukwahlulela.

10 “Ngalokho ngithi: Ngizweni;nami ngiyakusho umqondo wami.

11 Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.

12 Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13 Maningasho ukuthi:‘Sifumene ukuhlakanipha;uNkulunkulu angamphengulula,hhayi umuntu.’

14 Akahlelelanga mina amazwi akhe;angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15 “Bayakhungatheka, abasaphenduli;baphelelwa ngamazwi.

16 Ngibalindele yini,uma bengakhulumi, na?Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17 Nami ngiyakuphendula okwami,ngitshengise nami umqondo wami.

18 Ngokuba ngigcwele amazwi;umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19 Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

20 Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

21 Mangingakhethi ubuso bamuntu,ngingathophi nobani.

22 Ngokuba angikwazi ukuthopha;uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42