Ujobe 11 ZUL59

Inkulumo yokuqala kaSofari: ngokungazi kwakhe uJobe akaqondi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngalokho makaphenduke

1 Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:

2 “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?

3 Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?Nalapho ukloloda,akakho ongakuhlaza na?

4 Ngokuba uthi:‘Ukufundisa kwami kulungile;ngimhlophe emehlweni akho.’

5 Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,akuvulele izindebe zakhe,

6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,uze wazi ukuthi uNkulunkulu,ukuba kube kuhle kuwe,wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.

7 “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?

8 Kuphakeme njengezulu -- ungenzani na?Kujulile kunendawo yabafileyo -- ungazini na?

9 Isilinganiso sakho side kunomhlaba,sibanzi kunolwandle.

10 Uma edlula, avalele,abizele ekwahluleleni,ngubani ongamkhalima na?

11 Ngokuba uyabazi abantu ababi;lapho ebona ukona, akayikukunaka na?

12 Umuntu oyize uyakuba nengqondo,nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

13 “Uma ulungisa inhliziyo yakho,welulele izandla zakho kuye;

14 uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,ungahlalisi ububi ematendeni akho,

15 khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,uqine, ungesabi.

16 Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.

17 Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini;noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.

18 Uyakuba nokwethemba,ngokuba ithemba likhona;uyakuphendla,ulale ngokulondeka.

19 Uyakulala, ungethuswa muntu;abaningi bayakuzincengela kuwe.

20 Kepha amehlo ababi ayakufiphala;abayikuba nandawo yokuphephela;ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42