Ujobe 3 ZUL59

UJobe uqalekisa usuku lwakhe lokuzalwa; ufisa ukufa

1 Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.

2 UJobe wathatha wathi:

3 “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo,nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’

4 Lolo suku malube ngubumnyama;uNkulunkulu makangalunaki ephezulu,ukukhanya makungakhanyiswa kulo.

5 Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona,kuhlale ifu phezu kwalo;okwenza mnyama usuku makulwesabise.

6 Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,bungangeni phakathi komumo wezinyanga.

7 Bheka,lobo busuku mabungabi nalutho,kungangeni ukujabula kubo.

8 Mababuqalekise abathuka amalanga,abalungele ukuvusa uLeviyathani.

9 Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;mabulinde ukukhanya kungabikho,bungaboni izinkophe zokusa,

10 ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.

11 “Angifanga ngani esizalweni na?Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?

12 Amadolo angamukeleleni,namabele ukuba ngincele, na?

13 Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule;khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula

14 kanye namakhosi nabeluleki bomhlabaabazakhela izinqaba zamathuna,

15 noma kanye nezikhulu ezinegolideezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva,

16 noma ngangingekho njengokuphuphumileyookuthukusiweyo,njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.

17 Lapho amashinga ayekile ukudlova;lapho baphumule abaphelile amandla.

18 Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye;azizwa izwi labazicindezelayo.

19 Lapho nabancane nabakhulu bayafanana;isigqila sikhululekile enkosini yaso.

20 “Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyuemphefumulweni ukuphila;

21 abalinda ukufa kungafiki,abakumba kunengcebo;

22 abathokoza baze bethabe,bajabule, uma belithola ithuna,

23 nomuntu ondlela yakhe isithekile,uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?

24 Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami,nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,

25 ngokuba engikwesabayo sekuyangifikela,nenginovalo ngakho sekuyangehlela.

26 Anginakuthula, angizolile, anginakuphumula;kepha ukuyaluza kuyafika.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42