2 Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
3 Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.
4 Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.
5 Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.
6 Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo.
7 UJehova wayesethi kuSathane: “Uvelaphi na?”USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.”
8 Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.”