10 Awungithululanga njengobisi,wangijiyisa njengoshizi,* na?
11 Awungembathisanga isikhumba nenyama,wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?
12 Ungenzele ukuphila nomusa;ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.
13 Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu;ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:
14 Uma ngona, uyangiqaphela;awuyikuthethelela ukona kwami.
15 Uma nginecala, maye kimi!Noma bengilungile,bengingayikuphakamisa ikhanda lami,lokhu ngisuthi ngehlazo,ngibona ukuhlupheka kwami.
16 Nokuba bengiziphakamisa,ubuyakungizingela njengengonyama,ubuye uzenze omangalisayo kimi.