15 Uma nginecala, maye kimi!Noma bengilungile,bengingayikuphakamisa ikhanda lami,lokhu ngisuthi ngehlazo,ngibona ukuhlupheka kwami.
16 Nokuba bengiziphakamisa,ubuyakungizingela njengengonyama,ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17 Ubuyakuletha kimi ofakaziabasha, wandise intukuthelo yakhokimi, amabandla ngamabandlaangisukele.
18 “ ‘Ungikhipheleni esizalweni na?Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,
19 ngibe njengokungathi ngingekho,ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.
20 Imihla yami ayiyingcosana na?Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,
21 ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona,izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,