1 Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Impela yinina eningabantu;ukuhlakanipha kuyakufa nani.
3 Kodwa nami nginengqondo njengani,angahlulwa yinina;ngubani ongazazi izinto ezinje na?
4 Ngiyisigcono somngane wami,ngowambiza uNkulunkulu,waphendula;olungileyo nongenasici uyisigcono.
5 Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.