12 Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,nasebudeni bezinsuku ukuqonda.
13 “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;unesu nokuqonda.
14 Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa;uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.
15 Bheka, uyavimba amanzi, ashe;uyawathumela agumbuqele umhlaba.
16 Kuye kukhona amandla nokusizwa;odukisiweyo nodukileyo bakuye.
17 Umukisa abaluleki bephangiwe;uyenza abahluleli babe yiziwula.
18 Uthukulula izibopho zamakhosi,awabophe ezinkalweni ngamaketanga.