16 Kuye kukhona amandla nokusizwa;odukisiweyo nodukileyo bakuye.
17 Umukisa abaluleki bephangiwe;uyenza abahluleli babe yiziwula.
18 Uthukulula izibopho zamakhosi,awabophe ezinkalweni ngamaketanga.
19 Umukisa abapristi bephangiwe,aphenule abemiyo njalo.
20 Uyasusa ulimi lwabathembekileyo,aphuce amalunga ukuqonda.
21 Uthela izikhulu ngehlazo,akhumule imbonya yonamandla.
22 Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni,akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.