3 Kodwa nami nginengqondo njengani,angahlulwa yinina;ngubani ongazazi izinto ezinje na?
4 Ngiyisigcono somngane wami,ngowambiza uNkulunkulu,waphendula;olungileyo nongenasici uyisigcono.
5 Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.
6 Amatende abacindezelayo anokuthula;abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka,abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.
7 Kepha mawubuze izinkomo,ziyakukufundisa,nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.
8 Khuluma kuwo umhlaba,uyakukufundisa,nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.
9 Ngubani ongaziyo ngakho konke lokhoukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?