15 Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.
17 Zwisisani amazwi ami,ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.
18 Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.
19 Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.
20 Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:
21 masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.