18 Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.
19 Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.
20 Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:
21 masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.
22 Khona mawubize, mina ngiyakuphendula,noma kukhulume mina,wena ungiphendule.
23 Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?Ngazise izeqo zami nezono zami.
24 Usithelani ubuso bakho,ungishaye isitha, na?