2 Enikwaziyo ngiyakwazi nami;angahlulwa yinina.
3 Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla;ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.
4 Kepha ningabaqambimanga;niyizinyanga ezingelutho nonke.
5 Sengathi ningathula nokuthula,lokho kube ngukuhlakanipha kini.
6 Ake nizwe ukuthetha kwami,niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.
7 Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi,nimkhulumele ngenkohliso, na?
8 Niyakubuvuma ubuso bakhe,nimmele uNkulunkulu, na?