23 Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?Ngazise izeqo zami nezono zami.
24 Usithelani ubuso bakho,ungishaye isitha, na?
25 Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo,uxoshe amabibi awomileyo, na?
26 Ngokuba uloba okumunyu ngami,ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;
27 ufaka izinyawo zami ezingongolweni,uqaphela zonke izindlela zami,uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,
28 noma nginyamalala njengokubolayo,njengengubo edliwe yizinundu.