8 Noma impande yawo iguga emhlabathini,nesiphunzi sawo sifela othulini,
9 ngephunga lamanzi uyakuhluma,uveze izingatsha njengesithombo.
10 Kepha umuntu ofileyo uphelile;umuntu ogqabukileyo uphi na?
11 Njengamanzi anyamalele elwandle,nomfula oshileyo ome,
12 kanjalo umuntu ulala phansi,angabe esavuka;lize lingabikho izulu abayikuvuka,bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13 Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo,ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho,unginqumele isikhathi,ungikhumbule.
14 Uma umuntu efa,uyakubuye aphile na?Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami,kuze kufike ukumuka kwami.