13 uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho,ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?
14 Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo,nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?
15 Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;
16 kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?
17 “Ngiyakukwazisa, ungilalele;ngiyakukulandisa engikubonileyo
18 lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,
19 zona ezaphiwa zodwa izwe,kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi: