15 Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;
16 kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?
17 “Ngiyakukwazisa, ungilalele;ngiyakukulandisa engikubonileyo
18 lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,
19 zona ezaphiwa zodwa izwe,kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:
20 Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.
21 Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;lapho ehlezi kahle,uyakufikelwa ngumphangi.