18 lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,
19 zona ezaphiwa zodwa izwe,kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:
20 Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.
21 Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;lapho ehlezi kahle,uyakufikelwa ngumphangi.
22 Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni;uyalindelwa yinkemba.
23 Uyazulazulela ukudla: kuphi na?Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.
24 Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,