24 Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,
25 ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu,wazigabisa kuSomandla.
26 Wamdumela ngentamo elukhuni,nangamaqhubu adumbileyo amahawu akhe,
27 ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe,wenza umvingqi okhalweni lwakhe.
28 Wahlala emizini ebiyakuchithwa,nasezindlini ebezingahlalwa,ezaziyakuba ngamanxiwa nje.
29 Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
30 Akayikusuka ebumnyameni;ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.